Isosha elidala ngumuntu owalwa impi yomhlaba yokuqala noma impi yomhlaba yesibili noma owalwa impi yaseKorea.
Owamukela usizo lwezenhlalakahle, ongakwazi ukuzinakekela kanti udinga ukunakekelwa zikhathi zonke angasifaka isicelo sosizo ngaphezu kwaleso sezenhlalakahle.
Imali yokwelekelela amasosha amadala kusukela ngo April 2008 ingu R960 ngenyanga.
ufezekise izidingo zophenyo lwesimo semali.
Uphenyo lwesimo semali abantu abayinganisayo ekhaya kuyindlela uhulumeni abona ngayo ukuthi isimo salowomndeni sinjani kwezomnotho. Ukuze uthole imali yokwelekelelwa kumele ukuthi imali oyingeniswa ibe ngaphansi kwenani elithile. Ngo 2008 uphenyo lwemali yokwelekelela amasosha asemadala yomuntu ongashadile yayithi uma impahla yakho ingalinganiselwa emalini engaphezu kwe R451 200, ungeke uthole imali yosizo. Umuzi ohlala kuwona awubalwa uma uhlolwa, kanti nemali oyingenisayo kumele ibe ngaphansi kuka R26 928 ngomnyaka uma ungashadile.
Uma ushadile ungeke uthole imali yokwelekelelwa uma impahla yenu nobabili ingalinganiselwa emalini engaphezu kwe R902 400, Umuzi enihlala kuwo awubalwa uma nihlolwa. Imali yenu nobabili kumele ibe ngaphasi kuka R53 856 ngomnyaka.
ungabi ngomunye wabagcinwe ezindaweni zikahulumeni ungabi ngomunye wabamukela usizo lwemali kwabazenhlalakahle.
ukheshe endaweni ethile ngosuku oluthile ifakwa kwi Akhawundi yomuntu yasebhange ingatholakala eposini ezindaweni ezithile njengasendaweni yokugcina abantu asebabadala.
Uma usuluphele noma ugula kakukhulu ukuthi ungahamba uye ehhovisi, cela omunye ukuthi acele abasehhovisi bakuvakashele. Lowomuntu kumele aze nencwadi evela kuwena noma incwadi evela kudokodela eshoyo ukuthi awukwazi ukuza ehhovisi ngoba uyagula. Kungahlelwa ukuthi bakuvakashele.
Thumela ifomu lakho kanye nalamaphepha alandelayo.
ubufakazi bokuthi uphuma empini kungaba yisitifiketi sempi noma izimendlela zempi.
isitetimente esifungelwe ngumuntu ohloniphekile emphakathini owazi umfaki sicelo.
uma ungashadile, iafudaviti esho ukuthi awushadileuma uma ushadile isitifiketi somshado uma uhlukene nowakwakho, isitifiketi sokuhlukana uma owakwakho efile, isitifiketi sokufa.
uma usebenza, isitifiketi seholo uma ungasebenzi, incwadi eluhlaza yokukhombisa ukuthi awusebenzi noma isitifiketi sokuphuma emsebenzini esivela kumqashi wakho wakudala uma inempesheni yangasese, ubufakazi balempesheni uma uneAkhawundi ebhange, isitatimendi sezinyanga ezintathu ezilandelanayo uma kukhona lapho utshale imali khona, ulwazi ngenzalo yemail yakho noma isabelo sayo.
Thola irasidi uyigcine njengobufakazi bokuthi ufake isicelo.
Uzokwaziswa ngencwadi ukuthi isicelo sakho siphumelele noma qha.
Uma isicelo sakho senqatshelwe, abasehhovisi lokuphepha lezenhlalakahle bazokubhalela incwadi bakutshele nezizathu zokuthi kubangelwe yini ukuthi basenqabele isicelo sakho.
Uma ungavumelani nesinqumo sabo, faka isikhalo nongqonqgoshe wentuthuko yezenhlalakahle noma ilungu lekhansela uchaze ukuthi yini ungavumelani nesinqumo sabo.
Isikhalo kumele sifakwe zingakapheli izinsuku ezingu 90 emva kokuthola impendulo yesicelo sakho.
Kungathatha izinsuku ezingu 21 ukusebenza isicelo sakho.
Uma isicelo sakho semukelekile, uzobhadalwa kusukela ngosuku owafaka isicelo sakho ngalo.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
